Yini egodlwe yiNEMA?
Wubani ongafaka isikhalo ngaphansi kweNEMA?
Kungabe isenzo noma isinyathelo okukhalwa ngaso sephula amalungelo lakho ezemvelo agodlwe yiNEMA?
Likhona yini ikhambi lezikhalo ngaphansi kweNEMA?
Yini eyenzekayo ngemuva kokuthatha izinyathelo zokuvikela amalungelo akho ezemvelo ngaphansi kweNEMA?
Funda lapha kuqala.
Ukusebenzisa Umthetho kaZwelonke Wezemvelo (NEMA) kungaba lula. Akudingekile ukuthi uze ube nommeli ukufaka isikhalo ngomuntu olimaza imvelo njengamanje noma lowo osola sengathi angayilimaza esikhathini esizayo. Awumdingi futhi uma ufisa ukubamba iqhaza njengelunga lomphakathi ngezinqumo ezimayelana nemvelo. Kuyiqhinga elihle ukuxhumana nomuntu onolwazi ngeNEMA ngaphambi kokuthatha isinyathelo. Umthetho ungaba nzima futhi udide. Inkinga yakho ingajula. Zingaba ngaphezulu kweyodwa izindlela zokuyixazulula. Ungadinga nokubuza omunye umuntu onesipiliyoni ngalezo zinto noma izinkinga ezingabalulwanga kulomhlahlandlela. Kungenzeka ufune isiqiniseko sokuthi okwenzayo kusendleleni efanele. Uhlu lwezingosi zikahulumeni nemithombo yabomthetho neminye ewusizo iyatholakala ngasekugcineni kwalomhlahlandlela. Bangakunika usizo mahhala ngokuvikela imvelo yakho. Uma inkinga onayo ibandakanya ezinye izinto, bangakwedlulisela endaweni efanele ukuze uthole usizo.
Yini amalungelo ezemvelo?
Ngonyaka ka1994, umthethosisekelo omusha wabeka ilungelo lemvelo njengelungelo-nqangi ebantwini. Uma umthetho uthi into iyilungelo-nqangi kuchaza ukuthi konke okwenziwa wuhulumeni kumele kuhambisane nalokho okubalulwa yilelo lungelo. Lokhu kuhlanganisa umthetho imithetho eshaywayo nezinyathelo ezithathwayo. Abantu ngabanye, kuhlangene nezakhamuzi, izinkampani kanye nososeshini kumele benze ngokulandela ilungelo. Inkantolo yoMthethosisekelo ingabeka eceleni umthetho oshayisana nalelilungelo kanti nezinkantolo zingabeka eceleni izenzo zikahulumeni noma zomphakathi lapho kwephulwa lomthetho. Ukubeka eceleni kuchaza ukungashayi ndiva noma ukuguqula.
Ilungelo-nqangi emvelweni lithi wonke umuntu unelungelo kuleyomvelo engeyona ingozi empilweni noma kwinhlalonhle. Libuye lithi uhulumeni kufanele enze izinto ezinomqondo nezilindelekile ukuvikela imvelo njengokuvimbela ukunukubezeka komoya, ukugqugquzela ukongiwa kwemvelo, intuthuko eqhubekayo kube kwakhiwa umphakathi nomnotho. Ngaphandle komthethosisekelo, kuneminye imithetho eminingi evikela imvelo njengalowo wokonga imvelo, umthetho wamanzi, umthetho wokunukubezwa komoya. Lemithetho isivikela ezintweni eziningi ezingalimaza imvelo. Noma ngabe awukho umthetho ovikela ingxenye ethile yezemvelo, kodwa kuhlale kukhona ilungelo elisemthethweni-sisekelo ongalisebenzisa ukuvikela impilo yakho nenhlalonhle nokuqikelela ukuthi uhulumeni nabantu baziphatha ngendlela efanele ukuvikela imvelo. INEMA wumthetho osemusha nokusiza ukuba ukwazi ukuvikela kangcono amalungelo akho ezemvelo. Lokhu kwenzeka ngokudalwa kwemigomo yemvelo ebonisa uhulumeni ukuthi kufanele enzeni. Isibonelo, ukutshela uhulumeni ngalokho okubizwa "ngentuthuko emile", nechazwa ngokuthi wena njengomphakathi noma ilunga lawo kumele ubambe iqhaza lapho kuthathwa izinqumo ezithinta imvelo.
Usiza ukuvikela imvelo ngokwenza ukuthi uhulumeni abhekele yonke imithelela (umthelela emvelweni) engadalwa yintuthuko ngaphambi kokuyigunyaza ukuba iqhubeke. Ukuvikela labo basebenzi abenqaba ukusebenza ngaphansi kwezimo ezingalimaza imvelo, nabantu abashaya ikhwela (abanika ulwazi) ngabanye abalimaza imvelo.
Wenza kubelula kithina ukuxazulula izinkinga nokungaboni ngeso elilodwa (ukuxazulula ukushayisana kwemibono nokulamula). Okokugcina, kunciphisa izinga lobungozi lokuzithola usuvela phambi kwenkantolo ukuyovikela amalungelo akho uma ezinye izindlela zokuxazulula izinkinga zehlulekile.
INEMA ichaza imvelo njengento yendalo kanye nezinkomba ezibonakalayo, ezesiko, ukuheha okuthile okunomthelela empilweni yomuntu noma kwinhlalonhle.
Usetshenziswa kanjani lomhlahlandlela?
Indlela yokufaka isikhalo, ukufuna umxazululi noma ukuthatha izinyathelo zomthetho ngokuthile okuzokwenzeka noma osekwenzekile nokulimaza imvelo.
Indlela ongabamba ngayo iqhaza emzamweni wokufinyelela kwizinqumo eziyoba nomthelela emvelweni namaqhinga okuvikela imvelo ngezivumelwane nohulumeni.
Uma ufuna ukwazi kabanzi ngeNEMA, funda lemihlahlandlela. Uma ufuna ukufaka isikhalo ngomonakalo owenzeke emvelweni noma okungase kwenzeke esikhathi esizayo, kunezinyathelo ezinhlanu kulomhlahlandlela. Lezinyathelo zizokubonisa ukuthi ungayisebenzisa kanjani iNEMA.
Uma ungayazi impendulo yombuzo noma udinga olunye ulwazi, guqukela engxenyeni ekulomhlahlandlela lapho kunenombolo efanayo nalowombuzo bese uyafunda. Buyela emuva futhi embuzweni.
Uma ukwazi ukuphendula uthi yebo, embuzweni, qhubekela phambili kolandelayo.
Uma uqhubeka nokungayiqondi impendulo ngombuzo, noma sewuyifundile lencwadi, noma ufuna olunye ulwazi, thintana noMnyango Wezemvelo nokuVakasha, phenya eSahlukweni 10 lapho uzothola khona ikheli.
Uma uphendule wathi Yebo kuyo yonke imibuzo, funda Isahluko 8 no 9 ukuze uthole kabanzi ngalokho okwenzekayo ngesikhathi uthatha izinyathelo.
Ukuthatha izinyathelo zomthetho.
Uma ungayazi impendulo yombuzo noma ucabanga ukuthi impendulo inguCha, ungalahli ithemba. Funda lesigaba somhlahlandlela futhi noma uxhumane noMnyango wezeMvelo nokuVakasha wesifundazwe sakho noma kazwelonke.
Umbuzo 1: Kungabe isikhalo simayelana nento ezokwenzeka noma yinto eseyenzekile noma eqhutshwe ngemuva kuka 29 Januwari 1999?
Yebo, bona umbuzo 2.
Umbuzo 2: Ungasifaka isikhalo ngaphansi kweNEMA?
Yebo, bona umbuzo 3.
Umbuzo 3: Kungabe isikhalo esifakiwe sibandakanya ukwephulwa kwamalungelo ezemvelo angaphansi kweNEMA yini?
Yebo, bona umbuzo 4.
Umbuzo 4: Usuke wacabanga ngeminye imigudu ngaphandle kokusebenzisa iNEMA?
Yebo, bona umbuzo 5.
Umbuzo 5: Unolwazi olwenele lokuthi ungathatha izinqumo?
Yebo, bona umbuzo 6.
Umbuzo 6: Likhona ikhambi lokuhlangabezana nesikhalo sakho ngaphansi kweNEMA?
Yebo, bona umbuzo 7.
Umbuzo 7: Ususithathile isinqumo sokuthatha izinyathelo?
Yebo, bona iNgxenye 8.
Umbuzo 8: Kwenzekani uma uthatha izinyathelo?
INGXENYE 1: Yini egodlwe yiNEMA?
I-NEMA yasungulwa ngomhlaka 29 Januwari 1999. ingasetshenziselwa izinkinga ezizokwenzeka noma lezo ezenzeke ngemuva komhlaka 29 Januwari 1999. Akusizi ukuxazulula izinkinga ezenzeka ngaphambi kwalolusuku ngaphandle kwezinkinga ezisaqhubeka.
I-NEMA yenza kube lula ukuvikela amalungelo akho ezemvelo kunasesikhathini esedlule. Ngaleso sikhathi kwakumele uye enkantolo kuphela uma impilo yakho noma impahla ilinyazwa. I-NEMA ithi ungaya enkantolo ngisho noma impilo okanye impahla kungathintekile.
Izenzo ezithile ngentshisekelo yokuvikela imvelo.
Noma kunjalo, ukuze ukwazi ukusebenzisa iNEMA, kumele uqiniseke ngokuthi isikhalo sakho siyabhekeleka. Ingxenye 3, 4 no 5 izokusiza ukwenza lokhu. Uma unesiqiniseko sokuthi inkinga yakho iyingxenye neNEMA, izingxenye 7 no 8 zizokuchazela kabanzi ngemigudu elula uNEMA ayikhombisayo ekuthatheni izinyathelo zomthetho nezinye nje. Izinhlobo zezinyathelo zomthetho ongazithatha zenekwe eNgxenyeni 6.
INEMA ayigodlile nje kuphela izinyathelo zikahulumeni kodwa nezezifundazwe, ezikahulumeni wendawo kanjalo nezimboni zikahulumeni njengo Eskom. Ezinye izingxenye zikaNEMA zisebenza kuphela kuhulumeni bese kuba nalezo ezisebenza kubantu ngabanye, ezesithathu yilezo ezisebenza ndawo zombili. Qiniseka ukuthi uyavunyelwa ukuthatha izinyathelo zomthetho kwezinye zalezi zigaba ezibaliwe. Buza ummeli uma udinga usizo ngalokhu.
Isibonelo: ungamshushisa umuntu ngamunye ngenxa yokwephula umthetho wezemvelo kodwa kuvame ukuba lukhuni ukushushisa uhulumeni ngasese. Ukushushisa ngasese noma ngokuzimela kuzoxoxwa ngakho kabanzi eNdimeni 3.7, 6.7, 7.11 kuyo lencwajana.
INGXENYE 2: Wubani ongafaka isikhalo (afune usizo lwabaxazululi, afake isikhalo noma athathe izinyathelo zomthetho) ngaphansi kweNEMA?
Umuntu kuhlangene nohulumeni bephula umthetho wezemvelo.
Uhulumeni ehlulekile ukushushisa umuntu ophula umthetho wezemvelo, nalapho unenkolelo khona yokuthi lowomuntu unecala.
Ukuxazulula wuhlelo lapho kuthathwa umuntu ongachemile asize abantu ababili ukuze basombulule impikiswano.
Lapho ufake khona isicelo sokwedlulisa udaba ngokuphikisa lokho okwenziwe noma isinqumo esithathwe wuhulumeni.
Kulomhlahlandlela sizokhuluma kabanzi ngezinyathelo ezinqala ezinomthelela emvelweni. Akuzona zonke izenzo eziyingozi emvelweni ezifukanyelwe yiNEMA. Isigaba esilandelayo sizoveza imininingwane eminingi ngalezo zenzo ezihlaziywe kuNEMA.
INGXENYE 3: Kungabe isenzo noma isinyathelo okukhalwa ngaso sephula amalungelo akho ezemvelo agodlwe yiNEMA?
Engxenyeni 2, sichaze izimo ezingu 7 lapho ongakwazi khona ukuthatha izinyathelo ezithile (ukukhononda, umxazululi noma izinyathelo zomthetho) ukuze uvikele amalungelo akho ezemvelo.
ukushushisa ngasese lapho uhulumeni ehlulekile ukubopha noma ukushushisa othile owephule umthetho wezemvelo.
Yonke lemisebenzi esishiwo ingagamanxelana. Isibonelo, umuntu odala umonakalo omkhulu ngokunukubeza umoya kungenzeka abe necala lokwephula umthetho ovikela imvelo. Kodwa kulencwajana, sizozama ukwenza izinto zibe lula ngokuhlale njalo sikhuluma ngalezizimo ezingu 7 esizisho ngasenhla, futhi zizohlaziywa ngokwehluka kwazo.
Wazi kanjani ukuthi ungazithatha nini izinyathelo zomthetho noma ucele usizo lomxazululi ngokulandisa kweNEMA LesiSahluko kanye neSahluko 4 sizokutshela kabanzi?
Yini imithetho evikela imvelo?
Yini ukwephula imigomo yezemvelo?
I-NEMA inika imigomo engu 20 ewumhlahlandlela kahulumeni noma yinini lapho enza okuthile okungaba nomthelela omkhulu kwimvelo.
Uhulumeni kumele ahloniphe futhi agcine umthetho. Imigomo ikhombisa uhulumeni ukuthi kumele ayisebenzise kanjani imithetho ukuze kuvikeleke ngokugcwele imvelo. Imkhombisa indlela okufanele adwebe ngayo izinhlelo namaqhinga, ikhomba indlela abaxazululi abangabalamuli uma izinhlangothi ezimbili zinengxabano.
Okunye futhi, uma uhulumeni engalandeli lemigomo esimweni esivumelekile lapho kunento entsha ehlongozwayo noma ezokwenzeka nengaba nomthelela omkhulu emvelweni, lesi simo nesenzo siyoba wukwephula umthetho kanjalo ungathatha izinyathelo zomthetho noma uqalise isinyathelo sokumisa lolohlelo.
Intuthuko kufanele igamanxe emkhakheni wenhlaliswano, ezemvelo kanye nomnotho, ivelele nasesikhathini esizayo. Lokhu kuchaza ukuthi lezinto ezilandelayo kumele zicatshangwe ngaphambi kokuba kuqaliswe intuthuko;.
Impatho yezemvelo kufanele iditshaniswe.
Makube namathuba alinganayo okufinyelela ezinsizeni nasemthonjeni yezemvelo, imihlomulo nasemisebenzini lapho kuhlangatshezwana nezidingo zabantu.
Kumele kukhuthazwe umphakathi ukubamba iqhaza ngezinqumo ezithathwayo ngezemvelo. Iqhaza lamathimba azwela kakhulu nakade encishwe amathuba kumele kuqinisekiswe,.
Izinqumo kumele zicabangele izifiso, izidingo, isiko lalabo abathintekayo nabanentshisekelo.
Makuhlonishwe ilungelo labasebenzi abenqaba ukusebenza ngaphansi kwezimo zomsebenzi oyingozi empilweni yabantu noma yemvelo.
Izinhlelo zemvelo nendalo ezizwelayo noma eziqhakambisiwe kumele zinakekelwe kakhulu ngesikhathi kuhlelwa. Lokhu kudingekile ikakhulu uma kungenzeka zingene ngaphansi kwengcindezi yokusetshenziswa kakhulu noma kube nesidingo sentuthuko esungulwayo.
Uhlelo lokuHlaziya Umthelela kwimvelo wumsebenzi wokuthola ukuthi monakalo muni ongenziwa yintuthuko emvelweni. Uhlobo ngalunye lomonakalo lubizwa "umthelela". Izindlela zokunciphisa izinga lomonakalo ziyatholakala. Uma zikhona ezinye izindlela zokuletha intuthuko 'ezinye izindlela', nazo ziyacwaningwa. Ucwaningo luvame ukwenziwa wuchwepheshe ongahlangene nomsebenzi owenziwayo noma ohlongozwayo, kanti ubizwa ngo "meluleki ozimele. Umphakathi uyatshelwa ngomsebenzi bese uvunyelwa ukwethula imibono yawo. Bangabeka imibono ngezindlela nemigudu eyehlukene yokunciphisa umonakalo ongadaleka emvelweni. Ngemuva kophenyo lohlaziyo lomthelela, uhulumeni ubuyekeza konke okushiwo wumphakathi bese enquma noma intuthuko ingaqhutshwa yini noma imiswe. Kungabekwa imibandela ethile yokuvikela imvelo uma siqhutshwa isenzo.
Uma kungaba nomthelela omkhulu emvelweni.
i-NEMA ibuye ithi uma kwenziwa uhlaziyo lomthelela akumele kubhekwe kuphela umthelela oyokwenzeka emvelweni kodwa makubhekwe nendlela umphakathi nezinto zamasiko ezingathinteka ngayo.
Akavunyelwe uhulumeni ukushaya indiva izincomo ezenzwe ophenyweni lokuhlaziya umthelela emvelweni. Okunye futhi, akavunyelwe ukunganaki imigomo yeNEMA, lapho inquma okumele kwenziwe. Uma kwephulwa lemigomo, ungathatha izinyathelo zomthetho. Ungacela inkantolo ibeke eceleni imvume ekhishwe wuhulumeni.
Kuchaza ukuthini "ukunukubeza umoya okunqala"?
i-NEMA ithi ukunukubeza kungenzeka ngezindlela eziningi.
Ukulethwa kwezidingo zomphakathi.
Ukunukubeza kungadalwa ngabantu noma wuhulumeni. Ukuze kubizwe ngokunukubeza, kufanele kushintshe imvelo njengamanje noma esikhathini esizayo ngendlela ephazamisa impilo yakho noma inhlalonhle, noma kulimaze imvelo uqobo. I-NEMA ayikusizi kuzo zonke izimo lapho kwenzeka khona ukunukubezeka. Yilezo zimo ezinkulu kuphela ongathola usizo kuzo. Incazelo yokunukubeza okunqala yencike ebungozini bamakhemikhali noma oketshezini okukhulunywa ngalo, enani lamakhemikhali/loketshezi nomthamo wobungozi obungadaleka manje noma esikhathini esizayo.
Kuchaza ukuthini " umsebenzi oyingozi emvelweni" noku "shaya ikhwela"?
iNEMA ivikela abasebenzi abenqaba ukwenza leyomisebenzi elimaza imvelo. Umsebenzi uthathwa njengoyingozi emvelweni uma umuntu osebenza ngokwethembeka nokuthe ngokubona kwakhe ngesikhathi enqaba ukwenza lowomsebenzi wabona ingozi enkulu noma umthelela ongaba mubi emvelweni uma engaqhubeka nawo lomsebenzi. Kungenzeka ngaleso sikhathi ungabi namthelela omubi kodwa kube nezinkomba zobungozi esikhathini esizayo.
Wethenjiswa umhlomulo ongakusiza uma ungaqhubeka nokusebenza.
Kubalulekile ukuba wazi ukuthi kukhona okuthile olindelwe ukukwenza ngaphambi kokuba iNEMA ikuvikele. Lemibandela ichazwa kabanzi endimeni 7.
Ukushaya ikhwelo, noma ukuhlaba umkhosi wukunikezela ngolwazi ngento ethile ebucayi noma ewubugebengu eqhubekayo. I-NEMA ikuvikela uma uhlaba umkhosi ngomuntu othile owenza umonakalo emvelweni.
Kumele wethembeke futhi kube yinto enomqondo ebantwini bomphakathi ekuholele enkolelweni yokuthi lolulwazi lungobungozi noma lungomonakalo emvelweni. Kumele unike lolulwazi ngendlela efanele. Ngendlela efanele, kuchazwa ukuthi malwedluliswe ngemigudu efanele njengokulandisa kweNEMA. Eminye imininingwane ngalokhu iyochazwa kangcono endimeni 7.
Ekuxoshweni, isijeziso, inkolelo engenaqiniso noma ukuhlukunyezwa.
Yini "isehlakalo sengozi ephuthumayo"?
Isehlakalo sengozi ephuthumayo ngaphansi kweNEMA, yinto eyenzeka ngokushesha nengalindelekile. Kungaba yiqubula lomlilo omkhulu, ukuqhuma noma intuthu enkulu eyingozi emphakathini noma engadala ukunukubezeka okunqala noma umonakalo emvelweni njengamanje noma esikhathini esizayo.
Ukuvuza kobuthi lapho kuphehlwa khona amandla kagesi nokudala ingozi emphakathini owakhele lendawo.
Isehlakalo sezingozi eziphuthumayo zingaba yingozi enkulu empilweni yomphakathi neyemvelo. Kwezinye iziqubu, abantu baphoqeka ukushiya indawo ngesidumo ukuze bagweme lengozi. Kuthi kwesinye isikhathi, kube nabantu abaningi abadinga ukwelashwa ngokusheshayo, isibonelo abantu abagulayo, abadala kanye nezingane. Kungenzeka futhi kubaluleke ukuzokanisa imishini eminingi yokunqanda ukunukubezeka ukuze inhlekelele ingakhuli ngamandla. Yingakho kusemqoka ukuthola ulwazi ngesigameko ngokushesha ngemuva kokuba senzekile.
Ukuvikela umphakathi nemvelo, abahlali, abasebenzi bezempilo kanye nohulumeni kufanele baziswe ngokushesha ngezinto noma ngoketshezi oluchithekile. Kungenzeka kube nobungozi bobuthi obukhiqizwa yisisi esiyingozi, okumele selashwe ngendlela eyisipesheli noma kususwe abantu.
Maduzane ngemuva kwesehlakalo, atshele umphakathi neziphathimandla ngohlobo lwekhemikhali echithekile, indlela engaba yingozi ngayo empilweni nasempahleni nokuthi umthelela walokhu ungancishiswa kanjani?
Isibonelo: ukuqhuma kungadala intuthu noma amafu egesi enobuthi. Abahlali banxuswa emisakazweni ukuba bazivalele ezindlini bashude namafasitela. Labo abanesifo sofuba bexwayiswa ngokuthola ukwelashwa emitholampilo noma kodokotela. Bayatshelwa nokuthi nhloboni yegesi echithekile. UMnyango wezempilo nengosi yesimo sezingozi eziphuthumayo kumasipala itshelwa ukwelapha abantu abaguliswa yilesimo.
Imizamo eyenziwe ukunqanda ukuthi singaphindi isehlakalo.
Uma lombiko noma uphenyo lungenziwa, ungathatha izinyathelo zokuvikela imvelo noma umphakathi nganoma yisiphi sesinye salezigaba. Eminye imininingwane iyokwethulwa endimeni 7.
Yini ukushushisa okuzimele noma kwangasese?
Emithethweni eminingi yezemvelo, kuyicala ukwephula umthetho. Lokhu kuchaza ukuthi umuntu owephula umthetho angayiswa enkantolo ukuyoshushiselwa lelocala, kuthi lapho etholakala enalo agwetshwe ukukhokha inhlawulo noma abhadle ejele. Kwesinye isikhathi uhulumeni uyawashushisa lamacala, kodwa kuyenzeka aqoke ukuyekela. Isibonelo, uma ebona bungekho ubufakazi obenele ukumthola enecala umuntu. Wena ungazikhethela ukuqhuba icala ngoba ubona kusemqoka ukumshushisa lowomuntu. INEMA iyakusiza ke lapha ukwenza lento. Kube sekuthiwa lelicala ngelishushiswa ngasese noma ngokuzimela. Uyoludinga usizo lommeli ukulungiselela icala.
Icala lifakwe ngokubhekela izifiso nentshisekelo yomphakathi noma ngenhloso yokuvikela imvelo.
Ngeke wakwazi ukubeka icala ingxenye ewuphiko lukahulumeni, ngaphandle kweziwombe ezimbalwa kakhulu. Ungacela ummeli wakho ukwenza lokhu.
Lapho likulahlile icala, ummangalelwa angacela inkantolo ukuba wena umkhokhele zonke izindleko zecala.
Udaba lokukhokha izindleko zecala zingagwemeka lapho isenzo sakho sihlomulisa noma sihlose ukuvikela imvelo noma umphakathi. Eminye imininingwane ngokuzishushisela izokwethulwa endimeni 7.10.
Ngemuva kokufunda lokho osekushiwo ngasenhla, uma ucabanga ukuthi kunokwephulwa komthetho wezemvelo, kungenzeka ukuthole kuyimfanelo ukuthatha isinyathelo sokunqanda umonakalo emvelweni, kungavela kuwe noma emphakathini. Ziningi izinto ongazenza ukuvimbela umonakalo ongase wenzeke noma uqhubeke. Ezinye zazo zingabandakanya ukuqasha ummeli ukuze akusize. Ungakwazi nokubhalela uhulumeni izincwadi ukuqiniseka ukuthi kwenziwa uphenyo bese kuthathwa nezinyathelo zokumisa umonakalo owenzekayo.
Zingaba khona nezinye izindlela ongakwazi ukuzisebenzisa. Kubalulekile ukucabanga ngayo yonke imigudu ekhona kuhlangene nebhalwe phansi nengaqoshiwe.
Izinhlangano eziningi zinemigudu yazo eziyilandelayo ukufaka izikhalo. Amabhizinisi amaningi ethembele kakhulu ekuzixhumaniseni kahle nomphakathi. Ukukhulumisana nezinhlangano, ukubhalela abamaphephandaba endawo, ukweseka lawo mabhizinisi akhombisa ukunakekela imvelo ngenye yezinto engakunika umphumela owufunayo.
Kumele uthathe isinqumo ngalokho ofuna kwenzeke ngaphambi kokuthatha ezinye izinyathelo.
Ingxube yalokhu okuchazwe ngenhla.
Kubalulekile ukuqiniseka ngokuthi ohlose kufezeke akubukeki njengephupho, akumele uzikhohlise ngento oyibonayo ukuthi iphezulu kakhulu, ayinakwenzeka.
Alikho ikhambi lokuthola okufunwayo.
Kuyothatha isikhathi esingakanani?
Kungenzeka ngikuthole engikufunayo?
Yiluphi olunye usizo engingaluthola ngaphandle kolwemali, sikhuluma ngolufana nokunikwa ulwazi lokuqiniseka ngomphumela oyiwo?
Kuvame ukuba wusizo ukubuza abanye abantu ngezinye izindlela ezitholakalayo zokusombulula inkinga. Kungenzeka ukuthi abanye abantu sebeke bahlangabezane nesimo esifuze lesi futhi banemibono emihle. Buza amammeli bezemvelo noma abantu abasebenza endaweni yokuvikela imvelo. Ummeli wezemvelo angakusiza ukuqoka umgudu omuhle kakhulu ohambisana neNEMA. Abammeli bangakusiza futhi uma ufuna ukuya enkantolo.
Uma unquma ukuthatha izinyathelo, kungaba ngezomthetho noma olunye uhlobo, ngokwakho noma ngokusizwa wubungoti babathize, kubalulekile ukukhumbula ukuthi yisikhalo sakho lesi futhi nguwe okumele uthathe izinqumo ngenqubo. Ukuthola ulwazi nemininingwane eminingi kukubeka esimweni esilula sokuthatha izinqumo.
Kubalulekile ukuthola ulwazi olufanele ngoba lukusiza ekwenzeni izinqumo eziyizo ngokumele ukwenze ngaphambi kokuthatha isinyathelo. Lokhu kungasheshisa, kunciphise izindleko nomonakalo. Umthethosisekelo omusha ukunika ilungelo lolwazi olugcinwe wuhulumeni noludingela ukuvikela elinye lamalungelo akho. iNEMA isitshela ngokugcwele ngolwazi esingaluthola kuhulumeni noma kubantu abazimele maqondana nezemvelo.
Ulwazi ngokudaleka kukadoti oyingozi, ukugcinwa nokulahlwa kwawo.
Uhulumeni angathola ulwazi ngezemvelo kunoma yimuphi umuntu ozimele. Lokhu kungahlanganisa isisi noma udoti ochithekele emoyeni, emhlabathini nasemanzini nokuphathwa kwawo. Wena uyobe usuthola lolulwazi kuye uhulumeni. Akavunyelwe uhulumeni ukwenqaba nolwazi ngaphandle kwalapho ufuna into angakwazi ukuyithola noma enganamqondo noma ulwazi olufunwayo lunobungozi kwezokuphepha ezweni, emvelweni noma luyimfihlo.
Isibonelo: Ufuna ukwazi ngendawo ongaya kuyo ukuyobona izihlahla ezisengcupheni yokushabalala kanye nemidwebo yaBathwa esematsheni. Isicelo sakho solwazi siyenqatshwa ngokwesabela ukuthi ukuveza lolulwazi kungaholela esimweni lapho umphakathi ungantshontsha khona lemvelo, noma ekulinyazweni kwemidwebo. Isicelo solwazi ngenhloso yokuhweba singenqatshwa uma ulwazi luyimfihlo ngempela ngangokuba ukudalula lololwazi kungabeka esimweni esibi lowo ongumnini nonentshisekelo ngalo. Akavunyelwe umuntu ukwenqaba nolwazi lwamazinga okukhiqizwa kwentuthu neminye imikhiqizo kanye nodoti.
Isibonelo: Ukudalula imfihlo yokuhweba, okuyisithako noma "ifomula" eyimfihlo ngenhloso yokuhweba ngomkhiqizo kungenqatshwa.
Kubalulekile ukuthola ulwazi ngaphambi kokuthatha isinyathelo.
Umthelela ongaba mkhulu wokunukubeza imvelo, isigameko esisobala sengozi ephuthumayo noma isimo esicacile sokukholelwa wukuthi umsebenzi olayelwa ukuwenza ungaholela ekulimaleni kwemvelo.
Ukusukumela phezulu ulwazi olutholiwe kungaholela ezinyathelweni eziphuthumayo. Lokhu kungenziwa wuhulumeni noma izinhlangothi ezithintekayo ekunqandeni umonakalo emvelweni. I-NEMA ikusiza ezikhathini lapho kungaba lukhuni futhi kuthathe isikhathi ukuqongelela ulwazi olufanele. Eziwombeni ezifana nalezi, iNEMA ithi uhulumeni noma lowo olimaza imvelo kumele aphenye noma aveze ulwazi. Kulesi simo, okufanele ukwenze wukufaka isikhalo. Enye ingqikithi izochazwa kabanzi esigabeni 7.5.
INGXENYE 6: Likhona yini ikhambi lezikhalo ngaphansi kweNEMA?
Lomqulu wehlukanise izehlakalo zokuthatha izinyathelo eziqondene nokulinyazwa kwemvelo noma ukwesabisa ngokuyilimaza izigaba ezingu 7 (Bona ingxenye 2). Kuyenzeka kube nokugamanxelana kulezigaba. Nanka amanye amakhambi ezinye zezikhalo ongazithola ezigabeni ezehlukene. Engxenyeni 1 no 2 sikutshele ukuthi ngubani ongathatha izinyathelo ngokulawula kweNEMA. Lengxenye izochaza kafushane ngemigudu ongayiqoka. Engxenyeni 7 no 8, sizokunika imininingwane eminingi ngesikhathi nokuthi ungayilandela kanjani lemigudu yokuthatha izinyathelo. Kulomhlahlandlela, uma sikhuluma ngoMqondisi-Jikelele noma iNhloko yoMnyango wesiFundazwe, siqonde uMqondisi-Jikelele woMnyango wezeMvelo nokuVakasha noma iNhloko yoMnyango wezeMvelo esifundazweni.
i-NEMA ayikusizi nje kuphela lapho umuntu ephule umthetho, kodwa nalapho umuntu enesibophezelo sento ehluleka ukuyenza. Isibonelo, uma uhulumeni onesibophezelo sokumisa abantu banganukubezi umfula bese ehluleka ukwenza umsebenzi wakhe, uhulumeni wephula umthetho, ungamthathela izinyathelo ezimphoqa ukuba ayivikele imvelo.
Ungacela uMqondisi-Jikelele ukwenza uphenyo.
Uma othile enomsebenzi wokwenza into, njengokuhlanza isimo sokunukubeza imvelo, ungaya enkantolo umphoqelele kuleso senzao.
Isibonelo: Umakhelwane wakho, unebhizinisi lokukhanda izimoto, uchitha uwoyela nopende osekusebenzile emfuleni ongasekupheleni kwesitaladi sakho. Wephula isiGaba 151 soMthetho kaZwelonke waManzi, futhi lokhu kuyicala. Ukukhetha umgudu ofanele, Bona isifundo 1 eNgxenyeni 9.
Ungacela uMqondisi-Jikelele enze uphenyo.
Ibeke eceleni isinqumo esithathwe wuhulumeni nesingekho emthethweni.
Isibonelo: uhulumeni uhlela ukwakha umgwaqo onqamula endaweni esogwini lolwandle nebucayi. Uhlongoza nokuthuthukisa isiza sezimboni kwenye ingxenye yalendawo. Akayicabanganga imigomo yentuthuko evelele neyohlala isikhathi eside ngesikhathi edweba loluhlelo. Lokhu kungaba wukwephula umgomo weNEMA. Bona isifundo sesigameko esingu 2 eNgxenyeni 9.
Ukungenzi uphenyo olwenele ngohlaziyo lomthelela emvelweni lapho kuthuthukiswa indawo noma kuqaliswa umsebenzi othile nokungaba nomthelela omkhulu kwimvelo.
Bona isifundo ngesigameko, esingu 2 eNgxenyeni 9.
Kungacelwa uMqondisi-Jikelele enze uphenyo.
Uma kunothile onesibophezelo sokwenza into, njengokuhlanza umonakalo wokunukubeza, ungaya enkantolo uthole imvume yokumphoqelela ukufeza isibophezelo sakhe. Bona isifundo ngesigameko, esingu 1, eNgxenyeni 9.
Ungacela uMqondisi-Jikelele enze uphenyo.
Isibonelo: Umqashi wakho ucela uyolahla esigangeni udoti odaleke ngenxa yokudilizwa kwesakhiwo. Uyenqaba ukuwulahla kwenye indawo ngaphandle kwasesigangeni esibekelwe lokhu nesiqhele ngamakhilomitha angu 15. Usekwesabisa ngokukuxosha uma ungalaleli umlayelo.
Isinyathelo sokuphoqa ukuba kwethulwe umbiko noma kuhlanzwe isimo ngemuva kwesehlakalo sengozi ephuthumayo.
Ngemuva kwesehlakalo sengozi ephuthumayo, kumele kwethulelwe umphakathi umbiko ngezingozi ezingadalwa yilesi sehlakalo. Kumele sihlanzwe isimo. Ngemuva kwezinsuku ezingu 14 senzekile isehlakalo, kumele kwethulwe umbiko ngembangela yesigameko nokuthi yini eyenziwe ukusihlanza. Uhulumeni kufanele aqikelele ukuthi lezi zinto zenziwe ukuvikela umphakathi nokusihlanza isimo sokunukubeza imvelo. Imbiko ngezingozi nokuhlanza kubalulekile empilweni nasekuphepheni komphakathi nasekuvikeleni imvelo.
Uma isehlakalo sinobugebengu, ungavula icala.
Ungacela uMqondisi-Jikelele enze uphenyo.
Phoqa uhulumeni ukuba ahlanze umonakalo bese ezifuna kulowomuntu othintekayo izindleko zomsebenzi asewenzile.
Uma umthetho ophuliwe uhambisana nenhlawulo okumele ikhokhwe, ungenza imizamo yokuthi umuntu ashushiswe noma uzishushisela ngokwakho. Kodwa awukwazi ukushushisa uhulumeni. Eminye imininingwane itholakala endimeni 7.11 ngezansi.
Isibonelo: utshele amaphoyisa ngesenzo sikamakhelwane wakho ochitha ebusuku, ngesinyenyela amakhemikhali anobuthi emfuleni. Ubabonisa isithombe osithwebulile "sevidiyo" (isithombe esibonakala kumabonwakude). Ubufakazi obukhona abubenelisi ukuthi bangathatha izinyathelo zokumshushisa. Ummeli wakho ucabanga ukuthi benele lobufakazi. Sewuthatha isinqumo sokuzishushisela ngokwakho loludaba.
I-NEMA ikusiza ngokwenza kube lula ukuya enkantolo ukuze uvikele amalungelo akho ezemvelo. Lokhu kuchazwe kabanzi endimeni 8 ngezansi.
Isaziso esibalulekile: esikhathini esedlule, abantu bebesaba ukuya enkantolo ukuyolwela amalungelo abo ezemvelo ngenxa yokuthi bekuthi lapho belahlwe noma behlulwa yicala bazithole sebebhekene nenkinga yokukhokhela ummangalelwa izindleko zecala. Ukwenza izinto zibe nobungozi obuncane, iNEMA ithi inkantolo inganquma ukuba ungazikhokhi izindleko zalowo obemangalelwe noma likwehlulile icala. Kodwa kumele uqale ngokuzama ngawo wonke amandla ukuvikela amalungelo akho ngaphambi kokuphambukela kulomgudu, okuyisinyathelo sasenkantolo. Akuphoqelekile ukuba inkantolo ikusize, kodwa ingakucabangela uma uthathe izinyathelo ezifanele nezinezinkomba zomqondo. Kungakho nje kulesiSahluko sizokuchazela kabanzi ngezindlela ongakwazi ngazo ukusombulula ingxabano nokushayisana kwemibono ngaphambi kokuthi uye enkantolo. Sifunde sonke lesisigaba.
Ngesinye isikhathi kuneziwombe eziphoqa ukuba uye enkantolo ngenxa yento ethile ephuthumayo edinga ukumiswa noma eyodala umonakalo onzima ongeke walungiseka esikhathini esizayo. Esimweni esifana nalesi, akumele ulinde. Kodwa uma kungadingekile uthathe izinyathelo eziphuthumayo, kumele uqale ngokwethula isikhalo kuhulumeni uma othile elimaza noma esabisa ngokulimaza imvelo. Bacele bamise umonakalo owenziwayo noma ongenzeka.
Emnyangweni kahulumeni oqondene, ezingeni lesifundazwe nakuzwelonke.
Isibonelo: imboni encane eseduze nalapho uhlala khona ikhiqiza okuthile okudala intuthu nesisi esikugulisayo. Bika isigameko kumasipala wakho.
isikhungo sokuhlanza amanzi asebenzile avame ukugcwala aphuphume aze agelezele emifuleni okudlala kuyo izingane. Umasipala wendawo wuyena onesibophezelo sokugcina isizinda sokuhlanza amanzi. Bikela uMnyango wezaManzi namaHlathi ngaloludaba. Kuyiqhinga elihle ukubhala incwadi yesikhalo ngoba iwubufakazi bokuthi uyenzile imizamo. Uma ungatholi mpendulo ngencwadi oyibhalile, thumela enye futhi uzame ukwengezela ngokushaya ucingo noma ubone lowo ophethe. Gcina amakhophi ezincwadi ozibhalile ukuze uma ungaphumeleli ukwazi ukuqhubeka nesinye isinyathelo.
Eminye imithetho ikuvumela ukuba ufake isicelo sokwedlulisa isikhalo ngesinqumo sikahulumeni esigamekweni esibandakanye ukuvikela imvelo.
Yisho uma ucabanga ukuthi isinqumo esithathiwe kasifanele. Khumbula, umthetho-sisekelo uthi, thatha izinyathelo ezifanele, nezinomqondo ukuvikela imvelo ngokugwema ukunukubeza. Uqhuba ngokuthi kumele ukhuthaze ukongiwa kwemvelo nokugqugquzela intuthuko evelele nokwakha umnotho kanye nenhlalonhle ezweni.
Kungenzeka siguquleke isinqumo ngenxa yesicelo osifakile sokwedlulisa udaba. Ngokuvamile, umthetho uyokutshela indawo okumele wedlulisele kuyo isikhalo.
Isibonelo, kweminye imithetho kumele wedlulisele isicelo kuNdunankulu wesiFundazwe. Ungase uludinge usizo lomeluleki ongummeli ukuze akutshele ngalowo okumele uxhumane naye, kungenjalo buza igatsha likamaziphathe noma likahulumeni wesifundazwe elithathe isinqumo ofuna ukusiphikisa.
Imithetho yokuHlaziya uMthelela emvelweni engaphansi koMthetho wokonga imvelo uthi; kumele kwenziwa loluphenyo lokuhlaziya umthelela ngaphambi kokukhipha imvume yedlanzana lemisebenzi noma izenzo. Ngemuva kokukhishwa noma kwenqatshwe imvume, unegunya lokufaka isicelo sokuphikisana nesinqumo.
Esigamekweni sokunukubezeka kwemvelo okwedlulele noma imvelo edicilelwa phansi, ungabhala noma ushayele ucingo uMqondisi-Jikelele noma iNhloko yoMnyango esiFundazweni, ubacele ukuba benze uphenyo futhi balungise lesisimo. Ezinye izinyathelo abangazenza wukumisa isenzo sokunukubeza, ukudicilelwa phansi kwemvelo nokukhipha umlayelo wokuhlanza. Bangaphoqa umnikazi wesakhiwo noma impahla, lowo ogade isakhiwo/impahla ukwenza izinguquko ezifanele. Uhulumeni ngokwakhe angathatha isinyathelo sokulungisa isimo bese efuna izindleko zakhe kodale umonakalo, umnikazi noma kosebenzisa umhlaba.
Isibonelo: Iqulu labantu belishisa ingqwaba yamathayi endaweni esiyiganga ukuze bathole izinsimbi ezitholakala emathayeni ngenhloso yokuyozidayisa. Umasipala wendawo uthi akakwazi ukubamba labantu noma ukunqanda lesi senzo sokushiswa kwamathayi. Umnikazi wendawo naye uthi uyehluleka ukunqanda ukushiswa kwamathayi. Faka isikhalo kuMqondisi-Jikelele nongakwazi ukulayela umnikazi womhlaba ukumisa yonke imililo, ukukhuculula umlotha wamathayi noma yinini uma kubikwa umlilo. Umqondisi-Jikelele angalayela nomasipala ukuba akhuculule ukungcola bese ekhokhisa umnikazi wendawo zonke izindleko zokwenza lokhu. Uma ungenelisiwe yizinyathelo ezithathwe ngumasipala noma umnyango wesifundazwe ofake kuwo kuqala isikhalo, nalapho kumbandanyeka khona ukunukubezeka okukhulu nokudicilelwa phansi kwemvelo, kumele ubhalele uMqondisi-Jikelele noma iNhloko yoMnyango wesifundazwe.
Uma wethula isikhalo ngokunukubeza okukhulu, uMqondisi-Jikele noma Inhloko yoMnyango wesifundazwe kumele yenze uphenyo bese ilayela lowo odala umonakalo ukuba athathe izinyathelo ezifanele lungakedluli usuku olunqunyiwe. Abakwazise ngokubhaliwe ukuthi sekwenziwe konke lokhu okulayelwe yiziphathimandla. Uma bengakwenzi kusenesikhathi, ungacela inkantolo ibaphoqe. Kodwa kubalulekile ukubazisa ngezinyathelo zokubayisa enkantolo kusasele isikhathi esiyizinsuku ezingu30.
Ungafaka isikhalo kuMqondisi-Jikelele noma eNhlokweni yomnyango wesifundazwe ngaphansi kwezimo eziningi eziseNgxenyeni, inqobo nje uma isikhalo sibandakanya ukunukubeza okukhulu noma ukudicilelwa phansi kwemvelo.
Ngamanye amazwi, lokhu kungenzeka ngaphansi kwezimo eziningi ezichazwe kulomhlahlandlela. Singabala kokunye isehlakalo sengozi ephuthumayo, emsebenzini lapho wenqabe khona ukwenza umsebenzi oyingozi noma ongadala umonakalo kwimvelo nakunoma yisiphi isimo lapho kwephulwa khona umthetho wezemvelo.
Isicelo sokusingatha ukusombulula ingxabano, Isibonelo umxazululi/ukugqugquzela ukuxazulula inkinga/ukwahlulela noma ukuphenya.
Ukusingatha inqubo yokuxazulula ingxabano kwenzeka lapho umuntu ongachemile ezama khona ukusombulula ukungezwani phakathi kwabantu ababili noma ngaphezulu abenze bavumelane ngento ethile. iNEMA ivumela uhulumeni ukwedlulisa ingxabano ethize isiwe kubaxazululi, kubagqugquzeli bokusombulula izinkinga, kubehluleli kuthi kwezinye izikhathi kuqokwe abaphenyi abayisipesheli abangathola imininingwane egcwele ngodaba. Okwenzeka kulenqubo kuzochazwa kabanzi eziNgxenyeni ezilandelayo u8 no 9.
Inqubo yokugqugquzela ukusonjululwa kwenkinga wuhlelo lweNEMA lapho uhulumeni ebiza khona umuntu okhuthaza izingxoxo phakathi kwabantu ababili noma ngaphezulu abangaboni ngeso elilodwa ngesimo noma into ethile engaba yingozi kwimvelo.
Inhloso yokukhuthaza lezingxoxo wukuzama ukufinyelela esivumelwaneni lapho zombili izinhlangothi zizwana ngokuya kumxazululi.
Isibonelo: Uhulumeni usenqume ukwakha ichweba elikhulu ngokugubha isizalo somfula. Lesisenzo sinomthelela omkhulu kubantu abehlukene ngezindlela eziningi, isibonelo; amabhishi, izindawo eziyizimfuma, ukufa kwezilimo nezilwane, ukungcola kwemvelo esemanzini okuholela ekuphazamisekeni kwendawo yokudweba, ukulahleka komhlaba ikakhulu owabalimi oyontanta amanzi. Okunye futhi ngamafemu ayokaniswa kulendawo nayoholela ekunukubezekeni komoya nomthelela omubi ezitshalweni zabalimi bendawo. Baningi abantu asebezwakalise ukukhathazeka ngalesi sinqumo sokuqhubeka nechweba ngemuva komphumela wokuhlaziya umthelela wesakhiwo. Laba bantu sebecela uhulumeni ukuqoka umxazululi ozosombulula lengxabano. Sekubizwa lowo ozokhuthaza izingxoxo asize izinhlangothi zombili ngodaba okufanele lwedluliselwe kubaxazululi.
Inqubo yokuxazulula yenzeka uma izinhlangothi ezimbili ezingezwani ziqonda kumxazululi owenza umzamo wokuletha isisombululo nokuthi kufinyelelwe esivumelwaneni.
Njengoba iNEMA imvumela uhulumeni ukwedlulisa ingxabano iye kumxazululi noma kumgqugquzeli wezingxoxo, ungaya kuhulumeni ucele aqoke umxazululi noma umkhuthazi-ngxoxo ngezingxabano ezithile.
Isibonelo: Uhulumeni uvuma isinqumo sokwakhiwa kwedamu eliyolimaza indawo lapho kuhlala khona abantu kanye nemvelo esendaweni. Uhlaziyo lomthelela kwimvelo alizange libhekele udaba oluphathelene namasiko, njengokuthi uma idamu ligcwala amanzi angagobhoza avale amathuna kanye nezindawo zokukhonza ezisondelene nalo.
Umphakathi ufuna isiqiniseko sokuthi izindawo ezibalulekile zokukhonza ziyovikeleka futhi ucabanga ukuthi uhulumeni akazange abonisane nawo ngokwenele ekutholeni izindlela ezikahle zokuvikela lezizakhiwo. Indima yomxazululi kungaba wukuthola indlela lapho uhulumeni engakhipha khona imvume yokwakhiwa kwedamu ngaphansi kwemibandela ethile, engagcina futhi ivikele lezizakhiwo. Imiphakathi ingamsiza uhulumeni ukuqhamuka nezisombululo okuyomele zicaciswe kulemibandela.
uma kunempikiswano ngokuvikela imvelo ngemuva kokufakwa kwesicelo sokwedlulisa udaba.
Isibonelo: Kukhishwa imvume yokwakha imboni yamafemu endaweni ebucayi esogwini lolwandle nalapho kunomthelela wokunukubezeka komfula oseduze nosetshenziselwa ukunisela. Abalimi bakhononda ngokuthi uhlaziyo ngomthelela ezitshalweni nasekudwebeni awuzange wenziwe ngokugcwele. Bafaka isicelo sokwedlulisa udaba ngemuva kokuqedwa kophenyo lokuhlaziya. Isicelo sabaxazululi singenziwa ngemuva kokufakwa kwesicelo sokwedlulisa udaba.
Isinyathelo sokwehlulela senzeka lapho umuntu ongachemile nozimele ethatha isinqumo ngengxabano phakathi kwabantu ababili. Uma sesenziwe isinqumo, kumele silandelwe.
Ngokulandisa kweNEMA, uma zehluleka izinhlangothi zombili ukufinyelela esivumelwaneni, umxazululi angizibuza izinhlangothi ukuthi zifuna udaba lwedluliselwe kumehluleli yini. Isinqumo esikhishwa ngumehluleli singujuqu.
Uphenyo iNEMA inika uhulumeni amandla amakhulu okuphenya ngomonakalo owenzeka kwimvelo. Uphenyo kungaba ngolwekhomishana yokuthola imininingwane. Uma uphenyo lukhomba ukwephulwa komthetho wezemvelo, uhulumeni unomsebenzi wokumisa lesenzo nokulungisa umonakalo.
Isibonelo: Unolwazi ngobugebengu obuhleliwe bokunyenyisa izimpondo zikabhejane obenzeka ezifundazweni ezimbalwa nangaphandle kwezwe. Uzwile futhi ngokubandanyeka kwamaphoyisa kulesisenzo. Ngakho awuthandi ukubika loludaba emaphoyiseni. Ungethula lombiko kuNgqongqoshe uqobo. Uma ukhathazekile ngomonokalo emvelweni kodwa ungenawo amandla okukhokhela izindleko zophenyo lwalenkinga, ungaqonda kuNgqongqoshe umcele aqoke umphenyi. Zama ukuqoqa ubufakazi obenele ngaphambi kokubika ukuze nohulumeni abone ukuthi kunezizathu ezinqala zokuqalisa ngophenyo.
Ukuvikela abasebenzi abenqaba ukwenza umsebenzi oyingozi emvelweni.
Ungenqaba ukwenza umsebenzi othile okholwa wukuthi uyingozi noma ungadala umonakalo omkhulu emvelweni.
Isibonelo: Usebenzela udokotela kanti umsebenzi wakho ubandakanya ukuhlanza nokulahla udoti. Ngolunye usuku udokotela ukushiyela isaziso sokuthatha umthamo omkhulu wokungcola uyowulahla esigangeni esiseduze nalapho kungavunyelwe khona ukulahla lodoti. Wena sewuyenqaba ukwenza lokhu. Ngosuku olulandelayo udokotela ufika emsebenzini akwesabise ngokukuxosha. Ubuyekeza isiGaba 29 seNEMA usumtshela ukuthi akanalo ilungelo lokukuxosha.
Umqashi wakho noma omunye umuntu akavunyelwe ukwethembisa noma yini ewusizo ngenhloso yokukuncenga ukuthi wenza lowomsebenzi.
Uma uthathelwa izinyathelo, njengokuxoshwa, unelungelo lokuthatha izinyathelo zomthetho.
Ukushaya ikhwela/ukuhlaba umkhosi ngezenzo ezingadala umonakalo emvelweni.
Uma ubika noma ukhipha ulwazi ngokuthile okholelwa futhi okubona kungaba yingozi emvelweni, angeke wabophezelwa kukho yinkantolo noma uxoshwe, ujeziswe noma uhlukunyezwe. Kodwa qiniseka ngokuveza ulwazi ngendlela efanele ukuze uvikelwe.
Kwakulusizo kakhulu emphakathini ukuveza ulwazi kunokuthula.
Uma ukhiphe ulwazi oluvele selwaziwa wumphakathi.
Akekho umuntu ongakwethembisa okuthile okuwusizo ukuvala umlomo wakho ukuze ungahlabi umkhosi.
Isibonelo: Usebenzela inkampani elima izitshalo. Omunye wabaphathi bakho usebenzisa ngokungafanele isikhuthaza-khaba emasimini akhe esingavunyelwe enzela ukuthi izitshalo zande. Kunomthetho kulenkampani othi uma ungezwa ngaloluhlobo lwesenzo kumele utshele osingethe ezabasebenzi enkampanini. Kodwa wesaba ukuthi uma wenza njalo, ungahlukunyezwa nobufakazi bugqibeke. Unquma ukuyobikela uMshushisi-Jikelele. Ngenxa yokungaqondi kahle noma lokhu koyixazulula yini inkinga, ubikele neKomidi lasePhalamende eliqondene nezoLimo.
Izigameko zengozi ephuthumayo zingadala ingozi enkulu emphakathini noma emvelweni esikhathini samanje nakwesizayo. Ungafuna ukuthatha izinyathelo zokunqanda umonakalo esikhathini esizayo noma uthole ulwazi ngomonakalo owenzeke empahleni noma empilweni yakho ngenxa yesehlakalo esifana nalesi.
Ngemuva kwesehlakalo esifana nalesi, lowo othintekayo kuso unesibophezelo sokutshela umphakathi neziphathimandla zikahulumeni ngokushesha achaze ngokwenzekile nangemikhiqizo eyingozi echitheke emoyeni, emanzini noma emhlabathini. Kumele bazise uMqondisi-Jikelele ngokwenzekile zingakapheli izinsuku ezingu14, ngomkhiqizo ochithekile nezinyathelo ezithathiwe ukunciphisa umonakalo nokwethula umbiko ophawula ngembangela yengozi.
Ukwaziswa ngomkhiqizo okungenzeka uchithekele emoyeni noma emhlabathini kubalulekile uma ufuna ukuvikela impahla yakho, ukuthola indlela yokwelashwa noma ukuthatha isinqumo sokuthi ungashiya nini endaweni. Uma lowo ofanele engalungisi ngokushesha ngemuva kwesehlakalo, ungaya enkantolo umphoqe ukuthi akwenze. Uma bengathathi izinyathelo ezifanele ungaya enkantolo ubaphoqe. Kodwa kumele uqale ngokufaka isikhalo sakho kuhulumeni, ucele usizo.
Umthetho-sisekelo uhlinzekela indawo kaMvikeli-Mphakathi. Umsebenzi kaMvikeli-woMphakathi wukuphenya ukuthi uhulumeni ngabe wenze kahle noma udale ukubandlululeka ngandlela thize. Izibonelo zokungaqhubi kahle wukukhwabanisa, ukwenza into ngesizathu esingafanele noma ukuchema. Ukwenza ngokubandlulula wuhlobo lomonakalo olungavunyelwe noma olungemukelekile emthethweni. Uma uthola okunye kwalokhu kwenzekile kuwe, ungalubikela uMvikeli-woMphakathi loludaba noma ushayela ihovisi lakhe ucingo.
Isibonelo: Uthola ukuthi kukhishwe imvume yendawo yokulahla udoti ngemuva kophenyo lokuhlaziya umthelela. Kutholakala ukuthi ambalwa amalunga omphakathi abeyingxenye noma amenywa ukubamba iqhaza ngalenqubo.
Unolwazi lokuthi kwaphuma umvuzo omkhulu wokugqiba isiphathimandla sikahulumeni ngesikhathi kukhishwa imvume. Uthola nokuthi amanye amakhansela kahulumeni wendawo ayeyingxenye yekomidi lokuhlela atshale izimali ezinkulu enkampanini eqashelwe ukusingatha indawo yokulahla udoti. Wethula umbiko ngaloludaba kuMvikeli-woMphakathi.
Umthetho-sisekelo uhlinzekela ukubunjwa kweKhomishani yamaLungelo eSintu. Umsebenzi wekhomishani wukukhuthaza inhlonipho yamalungelo esintu. Elinye lamalungelo ngelezemvelo nelichazwe kulomthetho-sisekelo.
Ikhomishani inamandla okuphenya lapho iqhuba umsebenzi wayo. Uma unesikhalo ngomonakalo owenziwa kwimvelo nohambisana nokwephula ilungelo lesintu, ungabhala noma ushayele leKhomishani ucingo uyicele yenze uphenyo ngodaba.
Uvule icala ngomuntu owephule umthetho wezemvelo kanti umthetho uyakuvuna uthi lesosenzo siyicala. Usuwabikele futhi amaphoyisa ngalesenzo. Ungaxhumana namaphoyisa izikhathi ngezikhathi ukuzwa noma icala liyaqhubeka yini. Ungaxhumana namaphoyisa lapho uvule khona icala, iphoyisa noma umseshi ophenya ngecala. Uma kunezinkomba zokuthi umshushisi ngeke eqhubeke necala, thatha isinqumo sokuziqhubekela wena necala noma uyekela kuye.
Bhalela uMvikeli-woMphakathi umazise ukuthi ufuna ukushushisa othile ngokwakho.
INGXENYE 8: Yini eyenzekayo ngemuva kokuthatha izinyathelo zokuvikela amalungelo akho ezemvelo ngaphansi kweNEMA?
Kulesi sigaba sizokuthatha sikukhombise ezinye zezinhlobo zezinyathelo ongazithatha uma uvikela amalungelo akho ezemvelo. Isinyathelo ngasinye ngokulandelana zimi kanje.
Izinqumo eziningi ezithinta imvelo zenziwa ngomasipala. Izindawo zikamasipala zimelwe yimikhandlu ekhethwe ngentando yeningi kanti imelwe ngamakhansela ezigcemeni ezehlukene. Umsebenzi wokuphatha umasipala nsuku zonke wenziwa ngabasebenzi abenza lomsebenzi ngokugcwele kanti bathola amandla negunya kuye umaziphathe. Amanye alamandla awedluliselwa kubo, lawa yilapho ezenzela ngokwakhe umaziphathe ngokusizwa ngamakomidi avame ukubunjwa ngamakhansela aqokiwe.
Amakomidi amaningi akhethiwe adingida izinto ezithinta imvelo, njengekomidi lokuhlela nje. Lamakomidi enza izincomo ekomidini eliphakeme nokuyilo elithatha izinqumo ezingujuqu.
Uma ufuna ukufaka isikhalo ngomonakalo kwimvelo emakomidini abhekele lenkinga, okokuqala kumele uthole ukuthi yimaphi Ungathola ngokubuza kubasebenzi bakamasipala noma ekhanseleni lesigceme. Ikomidi ephakeme ivame ukulandela izincomo zamakomidi, ngakho kubalulekile ukukhuluma ngqo namakomidi ngokushesha. Esilandelayo yisibonelo sokusebenzisa iNEMA lapho uyokhuluma nomasipala?
Isibonelo: Umasipala noma umkhandlu ulungiselela ukuthatha isinqumo ngentuthuko ehlongozwayo neyoba nomthelela omkhulu kwimvelo endaweni yangakini. Imigomo nemibandela Yokusingatha okuBumbene kweMvelo njengoba kulandiswa eSahlukweni 5 seNEMA asikalandelwa ngokugcwele ezinhlelweni zokuhlela futhi wesabela ukuthi intuthuko izovunyelwa iqhubeke. Ufuna isiqiniseko sokuthi imvelo iyophepha.
Okokuqala, kumele uye kubasebenzi bomkhandlu abasebenza ngokugcwele, njengaseMnyangweni Wokuhlela iDolobha bese uyabachazela ngenkinga yakho. Bacele ulwazi lwentuthuko nokuthola kabanzi ngamakomidi ayobhekana nokuthatha isinqumo ngohlelo. Yiya emakomidini. Kungenzeka kube yikomidi eliqondene nokuhlela noma elezemvelo. Bhala futhi wenze uhlelo lokubonana nekomidi eliphakeme uma ikomidi eliqondene lehluleka ukuphendula izincomo zakho. Baqwashise uma ukholwa wukuthi abalandelanga inqubo ebekiwe noma bephula izimiso zeNEMA, batshele ukuthi ungase uye enkantolo uyophikisa isinqumo sabo. Lindela isinqumo, kuthi uma singahambisani nawe bese ucabanga ukusiphikisa. Ungafaka isicelo somxazululi kuthi ekugcineni unqume ukuya enkantolo ukuze kubuyekezwe noma kumiswe leso sinqumo.
Ngemuva kokufaka isicelo sokuphikisa isinqumo esibandakanya ukuvikela imvelo, uyokwaziswa ngomphumela wesimangalo. Ngokulandisa komthetho-sisekelo, ungazifuna izizathu zomphumela wesinqumo. Umthetho-sisekelo kanye neNEMA bakupha ilungelo lokunikwa ulwazi ongadinga ukulusebenzisa ukuthola eminye imininingwane kuhulumeni nekhombisa ukuthi kufinyelelwe kanjani esinqunyweni. Uma ungenelisiwe wumphumela wesimangalo, unegunya lokucela uhulumeni ukuba athole futhi akhokhele umxazululi ongakusombululela lenkinga. Uma ucabanga ukuthi isinqumo sephula umgomo weNEMA noma kulandelwe inqubo echemile noma engekho emthethweni ngesizathu esithile, unethuba lokwedlulisela udaba enkantolo ngenhloso yokubuyekeza noma ukumisa isinqumo.
Ngemuva kokwethula isikhalo ngokunukubezeka okunqala noma ukuguguleka kwemvelo kwesinye salezikhulu ezimbili, kumele bakunike ithuba lokubachazela ngonenkinga ngakho. Uma sebesizwile isikhalo, bayolandisa onukubezayo/olimazayo ukuba athathe izinyathelo ezifanele njengoba kuchazwe endimeni 7.4.
Kumele babheke izinto ezimbalwa uma benza lokhu, Isibonelo imigomo yezemvelo neNEMA, izindleko zokukhuculula nokuthi inkinga ibucayi kangakanani. Bangakwazi nokwaba umhlaba noma bawulungise bese befuna inkokhelo kwabaqondene.
Ngemuva kokukhuluma nawe ngenkinga, uhulumeni uyokwazisa ngokubhalwe phansi ngoyokwenza ukuxazulula inkinga yakho. Uma ungenelisiwe yilezi zinyathelo, ungacela uhulumeni ukuba kuqokwe umehluleli noma kuyiwe enkantolo ngenhloso yokuphoqa Umqondisi Jikelele noma iNhloko yoMnyango wesiFundazwe ukuphenya ngenkinga noma afake umdlandla owedlulele ngenkinga.
Isibonelo: Uhlala eduze kwendawo okwakunemayini kuyo newugwadule engenatshani. Umoya onamandla ususa izintuli zingene endlini yakho nsuku zonke. Ngezikhathi zasehlobo, uma selina, amanzi awudaka avela ezimayini nahlangene nenhlabathi adabule egcekeni ayovala amapayipi bese entanta egcekeni. Usubhale izincwadi eziningi ukhala eMnyangweni Wezokumbiwa phansi Namandla kodwa impendulo oyitholayo ngethi abakwazi ukukusiza ngoba abanikazi bemayini basafuna ukuvuselela lemayini, bakhiphe nomunye umkhiqizo. Usufake nesicelo kumasipala ngalenkinga kodwa ukuphendula ngokuthi akakwazi ukukusiza ngoba ukuntanta nokuvaleka kwamapayipi kudalwa wudaka oluvela ezindundumeni zemayini endala. Njengoba ungenelisiwe yilempendulo, thumela isikhalo kuMqondisi-Jikelele noma eNhlokweni yoMnyango Wezemvelo nokuVakasha.
Bhala isitatimende sawo wonke amaqiniso ngesikhalo.
Uma ukwazile ukuthola obunye ubufakazi njengobukadokotela, ukulimala noma obokulimala kwempahla, nabo abufakwe.
Ukuxazulula ingxabano kwenzeka lapho abantu ababili bengaboni ngokufana, nesimo sokuxoxisana ngesikhalo nomuntu obizwa ngomxazululi. Umxazululi ubasiza ekusombululeni inkinga noma ukungaboni ngeso elilodwa. Inhloso yakho wukufinyelela esivumelwaneni ngokufanele kwenziwe ukuze kuxazululwe inkinga. Umsebenzi womxazululi wukuqiniseka ukuthi zonke izinhlangothi zithola ithuba elenele lokuzikhulumela nokuzwa ukuthi omunye uthini ngaleyonkinga. Umsebenzi womxazululi akusikho ukuba lijaji ngenkinga, ukuba wummeli wothile noma ukuchema kodwa okubalulekile wukubagqugquzela ukufinyelela esivumelwaneni. Ukufeza lento, umxazululi angaqongelela ulwazi bese enza izincomo kulabo abaxabene. Uma ufuna usizo lomxazululi, ungabhalela uNgqongqoshe, uMhlonishwa owengamele umnyango esifundazweni (MEC) noma uMkhandlu kamasipala oqondene.
Uma uhulumeni evuma ukukhokhela umxazululi, uyozama ukuthola umuntu oyokwemukeleka emaqenjini womabili. Umxazululi angagcina ilekhodi lokuxazulula udaba bese ethula umbiko kuMqondisi-Jikelele nasemaqenjini ngemuva kokuphothula umsebenzi. Uma udaba okuxatshenwe ngalo lungaxazululeki, angazibuza izinhlangothi ukuthi lungadluliselwa yini udaba kumehluleli. Buza uhulumeni ukuthi uzimisele yini ukukhokha izindleko zodaba oluyiswa kumehluleli. Lesinqumo singaba ngesingcono kunokuya enkantolo nokungabiza kakhulu.
Isibonelo: Endabeni ebandakanya imayini, nechazwe endimeni 8.3 ngenhla, uMnyango Wezokumbiwa Phansi naMandla uyakuphendula. Impendulo ithi; awukwazi ukuphoqa umnikazi wemayini ukuthi atshale utshani ogwadule lwezimayini ezindala nezidala izintuli ngenxa yokuthi usafuna ukumba umkhiqizo kuyo. Awuhambisani nalesi sinqumo. Ngokwakho, ubona engakwazi ukuwuvala ngotshani lomhlabathi kuze kufike isikhathi lapho eseyisebenzisa khona imayini. Ngaphezu kwalokhu, ucabanga ukuthi ingxenye eseduze kwalapho uhlala khona ingavalwa wutshani ukuze kugwemeke udaka olugobhozela emphakathini wendawo ngesikhathi imayini seyimba umkhiqizo.
Ucabanga ukuthi lemigomo ayizange icatshangwe ngesikhathi uMnyango wezokuMbiwa phansi naMandla uqalisa ngoMthetho wezokuMbiwa phansi nowengamele ukuvuswa kabusha kwezimayini ezindala. Uhulumeni uyavuma ukuqoka umxazululi.
Uma isikhalo sakho siya kumehluleli noma enkantolo, uyodinga ukuthola iseluleko somthetho ukuze ulungiselele lelicala, nokuthola ukumelwa.
Ukuphikisana ngecala elibekiwe.
Icala liyolalelwa esidlangaleni (emphakathini) kodwa isinqumo somehluleli asivamile ukuba yinto eqonde kanje neyenziwa esidlangaleni. Ekupheleni kwecala, kuyokhishwa isinqumo esingujuqu. Uma ufuna ukwedlulisa icala, kuyomele uthole iseluleko somthetho ukuze ucwaninge ukuthi lingedluliseka yini.
Ngaphansi kweNEMA, ungavula icala noma ngabe intshisekelo yakho ayiphazamisekanga. Amazinga abantu abangafaka icala ngaphansi kweNEMA bavezwe eNgxenyeni 1, bahlanganisa nalabo abafaka amacala ngenxa yezifiso zomphakathi noma ngentshisekelo yemvelo.
Isibonelo: Esiwombeni noma ecaleni lezintaba zemayini ezingasasebenzi, umxazululi akatholi isinqumo ngombango. Umnikazi wemayini uthi ngeke babenayo imali eyanele ukutshala utshani kulendawo kuze kufike isikhathi lapho sebegubhe khona okungenani uhhafu womnotho ombiwayo kulentaba. Isikhalo sakho wukuthi impilo yakho neyabahlala kulendawo ngokunjalo nezakhiwo zilimala nsuku zonke. Okufunekayo wukuthi kwenziwe okuthile ngokushesha okuhlangabezana nesimo. Izinhlangothi zombili ziyavumelana ngokwedlulisela kubehluleli loludaba.
i-NEMA ikusiza ekuzivikeleni emalungelweni akho emvelo ngokwehlisa ubungozi bezindleko lapho uya enkantolo ukuyovikela lelilungelo. Ngakolunye uhlangothi kulindeleke ukuba nawe wenze ngokusemandleni ukufeza izinjongo zomphakathi nokwenza eminye imizama kuqala yokusombulula inkinga ngaphambi kokuya enkantolo. Uma likwehlula icala, inkantolo inganquma ukuba ungazikhokhi izindleko zikammangalelwa. Uma ulinqoba icala, inkantolo ingaqoka ukuba ummangalelwa akhokhe zonke izindleko zommeli wakho uma ebekunike usizo mahhala ngokukumela kulelicala. Inkantolo ingabuye iphoqe ummangelelwa ukuba akukhokhele zonke izindleko ohlangabezane nazo ngesikhathi uphenya noma uhlelela lelicala.
KuleSahluko, sizokukhombisa indlela yokusebenzisa ezinye zezinhlobo eziphawulwe eNgxenyeni 6.
Isibonelo: Umakhelwane wakho onebhizinisi lokukhanda izimoto ezishayisile, opendayo nolungisa izimoto uchitha uwoyela omdala nopende emfuleni ogeleza ekugcineni komgwaqo. Ufuna ukuyiqeda lento.
Isinyathelo 1: Bheka ukuthi ngabe umakhelwane wakho wephula umthetho yini. Uma owephula umthetho kunguhulumeni, bheka ukuthi kungabe ukhona yini umgomo kulena enikezwe endimeni 3.
Uma kunjena, isiGaba 15 soMthetho waManzi sephuliwe. Lesigaba sithi awuvunyelwe ukunukubeza isizinda samanzi. Kuneminye futhi imithetho naleyo kamasipala okungenzeka ukuthi yephuliwe. Biza umasipala wakho noma uMnyango wezokuMbiwa phansi namaHlathi uthole ukuthi yimiphi eminye imithetho engase ithinteke.
Isinyathelo 2: Bheka ukuthi umthetho ophuliwe uthi yini ongayenza wena.
Esimweni esifana nalesi, ukwephula umthetho yicala ongaliboshelwa. Lowo otholakala enecala lokwenza lokhu angaboshwa iminyaka engaze ifike kwengu5 noma akhokhe inhlawulo. Ungawabikela amaphoyisa ngalenkinga.
Isinyathelo 3: Bika isigameko ngokubhalwe phansi kumasipala wakho, eMnyangweni wezaManzi noma emaphoyiseni. Gcina amakhophi ezincwadi ozibhalile.
Isinyathelo 4: Uma ukunukubezeka komoya kungapheli noma kuhlanzwe ngabasebenzi bakahulumeni, kumele ubhalele uMqondisi-Jikelele noma iNhloko yoMnyango ubacele baphenye loludaba, bathathe izinyathelo zokuqeda ukunukubeza. Yenza lokhu kuphela lapho kunokunukubeza okukhulu noma ukudicilelwa phansi kwemvelo. Thumela amakhophi azo zonke izincwadi ozithumele abasebenzi bakahulumeni kuxubene nemininingwane echaza isimo senkinga. Balinde ukuthi bakuphendule ukuze ubachazele kabanzi ngenkinga yakho noma bakubhalele bekwazisa ngezinyathelo abazithathile ukulungisa umonakalo wokunukubezeka kwemvelo.
Isinyathelo 5: Uma ungenelisiwe yizinyathelo ezithathwe yizisebenzi eziphethe, ungacela uhulumeni ukuba aqoke umxazululi azokusombululela inkinga. Isibonelo, uma onukubezayo enikwe izinyanga ezingu6 zokuhlanza umonakalo, ngakolunye uhlangothi wena ubona besifanele isikhathi esiyinyanga eyodwa ukwenza lomsebenzi, kuyinto engenzima futhi, ungacela umxazululi ukuzosombulula lengxabano. Kwenze lokhu ngokubhalela uNgqongqoshe, Inhloko yoMnyango esiFundazweni noma eMkhandlwini ofanele.
Isinyathelo 6: Uma uhulumeni ememukela umxazululi kodwa ingxabano ingaxazululeki, ungabuzwa noma ufuna lwedluliselwe kubehluleli yini loludaba nalapho sekuyophuma khona isinqumo esingujuqu. Enye indlela kungaba wukuya enkantolo.
Ingaphoqa lowo onukubeza imvelo ukuba akhokhe izindleko zomonakalo owenzeke endlini noma esakhiweni ngenxa yokunubezeka kwemvelo.
Ungazisungulela uphenyo lwangasese olubhekiswe kulowo onukubeza imvelo uma engashushiswanga. Lokhu kungenziwa lapho kunobufakazi bokuthi ukunukubeza imvelo kwenziwa ngokulahlwa kokungcola ngokungekho emthethweni. Khumbula, uma uqikelele ukuthi wenze yonke imizamo ebonakala ifanele ngaphambi kokwedlulisela udaba enkantolo, ungaxolelwa ekukhokheni izindleko zecala zikammangalelwa, noma likwehlulile icala.
Isibonelo: Uhulumeni uhlongoza ukwakha umgwaqo odabula endaweni ezwelayo egudle ugu lolwandle kanti futhi kunohlelo lokuthuthukisa indawo ngokwakha indawo yezimboni. Akukacutshungulwa lutho mayelana nemithelela ebhaliswe ngaphansi "komgomo wentuthuko evelele" ngokulandisa komgomo (Principle 4(a) weNEMA) ngesikhathi kusahlelwa kuhlaziywa nomthelela wesiphakamiso. Unokwesaba ukuthi kuzoba khona umonakalo ongeke walungiseka endaweni, emanzini agelezayo, eqophelweni lamanzi kanye namanzi asemfuleni.
Isinyathelo 1: Thola ukuthi uhlelo seluhambe lwagcinaphi. Kungabe uhlelo lokuhlaziya umthelela emvelweni lusaqhubeka noma isikhishiwe imvume yokuqhubeka nentuthuko (isibonelo, ukuhlelwa kabusha komhlaba, imvume yokwakha umgwaqo endaweni) Uma imvume yomsebenzi ocabanga ukuthi unobungozi kwimvelo seyikhishiwe, faka isicelo sesikhalo sokuphikisa. Uma imvume ingakakhishwa, cela uhulumeni ezwe umbono wakho ngezinkomba nemithelela okumele ibhekisiswe ngenhloso yokuqikelela ukuthi intuthuko iyochuma ihlale isikhathi eside?
Isinyathelo 2: Lindela umphumela wesicelo sokwedlulisa udaba. Uma unezinsolo zokuthi isinqumo secala eledlulisiwe asihlaziywanga kahle noma kwaba nephutha, cela uhulumeni aqoke umxazululi ozosombulula lempikiswano. Kwenze lokhu ngokubhalela Ungqongqoshe, Inhloko yoMnyango kahulumeni wesiFundazwe noma eMkhandlwini kaMasipala oqondene.
Isinyathelo 3: Uma intuthuko ingaholela ekunukubezekeni kwemvelo okukhulu, ungafuna ukwedlulisela kuMqondisi-Jikelele udaba noma eNhlokweni yoMnyango wesiFundazwe, ikakhulu uma uhulumeni engavumelani nokuqokwa komxazululi.
Isinyathelo 4: Uma ungenelisiwe yisenzo esithathwe wuMqondisi-Jikelele noma yiNhloko yoMnyango esiFundazweni nalapho umsebenzi wokuxazulula ungasebenzanga khona, ungathatha izinyathelo zomthetho ufake inselelo ngemvume ekhishiwe. Kungenzeka kungabi semthethweni ngenxa yokuthi ngesikhathi uhulumeni egunyaza imisebenzi ethile engaba yingozi emvelweni, uhulumeni kumele abhekele imigomo yeNEMA. Kulesifundo akwenzekanga lokhu.
Ukuxazulula: uma umuntu ongachemile nozimele ezama ukuthi abantu ababili abangaboni ngokufana baxazulule ingxabano.
Ukunukubeza: uguquko emvelweni oludalwa wumkhiqizo, uketshezi, umsindo, iphunga, izintuli noma ukushisa okuvela esenzweni esithile kuhlangene ukugcina nokwelapha udoti nezinye imikhiqizo, ukwakha nokuletha izidingo noma imisebenzi. Loluguquko kumele lube nemithelela emibi empilweni yabantu, nakwinhlalonhle, ekubekezeleni kwemvelo nasezingeni layo lokukhiqiza noma empahleni esetshenziswa ngabantu.
Ukubeka eceleni: inkantolo ibeka eceleni isinqumo uma isiguqula, noma isho ukuthi lesosinqumo asikho emthethweni noma sifana nesingasebenzi.
Ukwephula umthetho: ukungahambisani nomthetho, noma ukungalandeli umgomo oqukethwe wumthetho.
